I-Hepatitis A (kudala eyayaziwa ngesifo ngokuvuvukala kwesibindi okuthelelanayo) yisifo sibucayi isifo esithelelanayo sesibindi esidalwa ukuvuvukala kwesibindi okwaziwa nge-hepatitis A virus (HAV). Izikhathi eziningi kuba nezimpawu ezincane noma zingabi khona nhlobo ikakhulukazi kulabo abancane. Isikhathi phakathi kokutheleleka nokuvela kwezimpawu, kulabo ababa nazo izimpawu, kuba yisikhathi esiphakathi kwamasonto amabili nayisithupha. Uma izimpawu zikhona zivamise ukubonakala kuze kuphele amasonto ayisishiyagalombili kanti kungabandakanya lezi: ukucanuzelelwa yinhliziyo, ukuphalaza, ukukhishwa yisisu, isikhumba esiphuzi, umkhuhlane, kanye nokuphathwa yiqolo. Bangalinganiselwa phakathi kuka-10 -15% abantu abangaba nezimpawu ezifanayo esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha emva kokutheleleka kokuqala. Ukuhluleka kwesibindi okubucayi akuvamisile ukwenzeka kuvamise kakhulu kubantu abadala.
Imvamisa sisatshalaliswa ukudla noma ukuphuza okuphuzwayo noma amanzi angcolile anamakaka athelelekile. I-Shellfish engaphekiwe yavuthwa kahle ivamise ukuba yiyona mbangela ejwayelekile. Ingaphinde isabalale ngokusondelana eduze nomuntu othelelekile. Njengoba isikhathi esiningi izingane zingavamisile ukuba nezimpawu ezibonakalayo uma zithelelekile nazo ziyakwazi kodwa ukuthelela abanaye. Emva kokutheleleka kanye umuntu akabe esatheleleka impilo yakhe yonke. Ukuxilongwa kudinga ukuthi kuthathwe igazi ngoba izimpawu ziyafana nezinye zezinye izifo eziningi. Ingeyodwa yamagciwane aziwayo e-hepatitis: A, B, C, D, kanye ne- E.
Umjovo wokugomela i-hepatitis A isivikeli esisebenzayo. Amanye amazwe ancoma ukuthi kwenziwe kuzo zonke izingane kanye nalabo abasengcupheni kakhulu abangakaze bajovelwe ukugomela lesi sifo. Kubonakala kusebenza isikhathi eside. Ezinye izindlela zokuvikela zibandakanya ukugeza izandla kanye nokupheka ukudla kuvuthwe kahle. Akukho okwelapha okuqondene ngqo, kunconywa ukuphumula nemithi yokucanuzelelwa yinhliziyo noma ukukhishwa yisiu uma kunesidingo.
Emhlabeni jikelele kuba khona izimpawu ezingaba izigidi eziyi-1.5 ezibonakala unyaka nonyaka okungaba izigidi ezingamashumi amaningi ezithelelekile kuzo zonke.Kuvamise kakhulu ezifundeni ezisendaweni ezingenazo izinsiza zokuthuthwa kwendle nalezi ezingenawo amanzi ahlanzekile. Emhlabeni osathuthuka zilinganiselwa ku-90% izingane ezithelelekayo uma zineminyaka e-10 yobudala bese lokho kwenza ukuthi zingabe zisatheleleka uma sezindala. Kuvamise ukuqubuka emazweni asemaphakathi nentuthuko lapho izingane zingalitholi leli gciwane ngenkathi zisencane kuphinde futhi kungabi khona mijovo yemigomo ekhishwayo. Ngonyaka wezi-2010, i-hepatitis A ebucayi yabulala abantu abayi-102,000. Usuku lomhlaba lwe-Hepatitis lugujwa njalo unyaka nonyaka mhla zingama-28 kuNtulikazi ukuze kuxwayiswe abantu ngegciwane lokuvuvukalelwa yinhliziyo elaziwa nge-hepatitis.
