factograf
ZU

Umchazabukristu

Umchazabukristu

Umchazabukristu (ngesiNgisi: Christology) uyigatsha womchazathixo wobuKristu ophathelene nomongo wakaJesu, owaba ngumbanga wempikiswano enkulu emphakathini wamaKhrestu ngenkathi yamakhulu weminyaka asekuqaleni emuva kokuzalwa kukaJesu. uMkhandlu Jikelele waseChalcedon ngama-451 CE, ukhiphe umlawu wobumunye bengqingithi yobumuntu nobuNkulunkulu bukaJesu, "obuhlangene ngaphandle kokudideka noma ukwahlukaniswa". Futhi lombono waziwa ngomchazabukristu obuphezulu.

Amabandla ahlukene anemibono ehlukene (ngesinye isikhathi engaqondanani) mayelana loludaba. Umongo bukaJesu bungubunkulunkulu, futhi bungubuntu, zimbili kanye kanye futhi bungasinayiziphi kulezi. Okunye okwakukhathazwe ngako kwakungubuMesiya bamaJuda: lokhu kubuza ekutheni wayezele ukukhululula amaJuda encindezweni ebangwe ababusi bamazwe wangaphandle, okunye okukanye nalokho noma okunye okwakungakubandakanyi lokhu, futhi nokuthi iqhaza lakhe ensindisweni noma embusweni wasezulwini ozayo laluyini.

Imibhalo yamaKristu ibiza uJesu ngezithakazelo ezahlukene njengesikaNdodana waBantu, iNdodana kaNkulunkulu, uKristu/uKhrestu (uMesiya), kanye nelikaKyrios. Lezithakazelo zincike ezindikimbeni ezithile, emqoka kuzo ithi "uJesu wayekhona ngaphambi kwokubakhona kwemvelo, owaba ngumuntu, bese wabuyela kuNkulunkulu". Lokhu kuhlukile ezimfundisweni ezigxekiwe/eziqalekisiwe (ngokungabi iqiniso) ezibizwa ezokwamukelwa (ngesiNgisi: adoptionism) okuchaza ukuthi uJesu wayengumuntu owamukelwa nguNkulunkulu (uYise) njengendodana yakhe ngenxa yesigameko esithile (isib. ukubhajadiswa, ukubethelwa esiphambanweni, noma ngokuvuswa kwabafileyo)

Izimfundo zanamuhla jikelele zamukela ukuthi imvelaphi yobuchazabukristu obuphezulu iyisenzakalo yenkolo kunkulunkulu munye eqhamuka ebuKristini-buJuda bokuqala kepha imiklamo yakwamandulo yokuguquka kwenkolo yayikubona njengendikimba eyayivela kumakholwa wamaGreki. Iningi labongqondonkulu iphakamisa ukuthi umchazabukristu ophezulu buvela ngaphambi kwenshumayelo kaPawuli (owayeshumayela kakhulu kumaGreki. Iningi labongqondonkulu banamuhla ivuma ukuthi amaVangeli aQhathanisiweyo (uMarku, uMatewu kanye noLukha) kanye neminye imibhalo yeTestamente Elisha achaza ukuthi uJesu wayenobunkulunkulu obuphelele futhi obuyingqingithi yakhe njengoba ayinxenye yomongo kaNkulunkulu.

Read next

In 67 languages

Text from Wikipedia, CC BY-SA 4.0 · Source article