factograf
ZU

Ucwaningo olungakanisayo

Ucwaningo olungakanisayo

Biotechnology_lab

Ucwaningo olungakanisayo (noma ucwaningo olunanisayilo) luyiqhingasu lokucwaninga oluhlozinga kakhulu ukungakanisa noma amanani ekubuthweni nasesihlaziyweni semininingo. Lendlela yokucwaninga igcizelela kakhulu ukuvivinywa komchachiso, njengoba isekelwe kwinjulalwazi yobugcanso.

Izibonelo

  • Ucwaningo oluqukethe amanani angamaphesenti azo zonke izinhlwa ezakha umoyambulunga womhlaba.
  • Inhlolovo ephetha ngokuthi isiguli esivamile kufanele silinde amahora amabili egunjini lokulinda lenyanga ethile ngaphambi kokuba sinakwe.
  • Umgcanso lapho iqembu x lanikezwa imigwinyo emibili ye-aspirin ngosuku futhi iqembu y lanikezwa imigwinyo emibili ye-placebo ngosuku lapho umhlanganyeli ngamunye ejutshwa ngokwethukela eqenjini elithile noma kwelinye lamaqembu. Izici ezingokwenano ezinjengemigwonyo emibili, iphesenti lezinhlwa kanye nesikhathi sokulinda kwenza izimo nemiphumela ibe engakanisekayo.
  • Kwezomnotho, ucwaningo olungakanisayo lusetshenziselwa ukuhlaziya imihwebo kanye nezici ezinomthelela ekwahlukeni kwezinhlaka zokuhleleka kwayo kanye nobudlelwano bezinkampani nabasebenzi, izindayi zemali kanye nemikhiqizo.

Read next

In 46 languages

Text from Wikipedia, CC BY-SA 4.0 · Source article