factograf
ZU

imisebenzi yobuciko ebhaliwe

Ubucikomazwi

Ubucikomazwi

Ubucikomazwi buyinoma yiliphi iqoqo lomsebenzi obhaliwe. Leli gama liphinde lisetshenziswe emibhalweni ebhekwa njengohlobo lobuciko, ikakhulukazi amanoveli, imidlalo yeshashalazi, izinkondlo. Lihlanganisa kokubili imibhalo eshicilelwe ngokunyathelisa nangezezibhangqiwe. Incasiselo ihlanganisa nobucikomazwi bomlomo, iningi labo oluye labhalwa phansi.Ubucikomazwi buyindlela yokuqopha, ukukhweza, nokudlulisa ulwazi nezokuzijabulisa. Bungaphinde bube neqhaza kwezenhlalo, kwezomqondo, ngokomoya, noma kwezombusazwe.

Ukuyipha ubucikomazwi esinye sezifundo zakwaNgqondnkulu ezindala kakhulu, futhi kunake kakhulu ukufaneleka kwezincwadi noma ukubaluleka kokulumuka kwemibhalo ethile. Ukufundwa kwezincwadi neminye imibhalo njengezinto zobuciko noma amasiko kuncike ekuyipheni imibhalo noma Umlando wencwadi. "Ubucikomazwi", njengohlobo lobuciko, ngezinye izikhathi busetshenziswa ngokufanayo nezinganekwane zobuciko, izinganeko eziqanjiwe ezibhalwe ngenhloso yobuciko, kodwa futhi bugahlanganisa imisebenzi enhkobonhlobo engezona ezinganeko, njengesichazampilo, ama-diary, Izinkumbulo, izincwadi, nezindaba.Kulencasiselo ebanzi, ubucikomazwi buhlanganisa izincwadi ezingezona ezinganeko, izilotshwa, noma okunye ukwaziswa okubhalwe phansi ngesihlokondaba esithile.

Ukuthuthuka kwezobuchwepheshe bokunyathelisa kuvumele ukusatshalaliswa okuqhubekayo nokwanda kwemisebenzi ebhaliwe, kuyilapho inkathi yezezibhangqiwe ifiphaze umehluko phakathi kobucikomazwi bamazuba kuxhakaxholo nezinye izinhlobo zezinsizakuxhamana zanamuhla.

Read next

In 217 languages

zuаԥсшәаAfrikaansAlemannischአማርኛaragonésअंगिकाالعربيةمصرىঅসমীয়াasturianuаварKotavaअवधीAymar aruazərbaycancaتۆرکجهбашҡортсаBasa BaliBoarischžemaitėškaBikol Centralбеларуская (тарашкевіца)беларускаябългарскиभोजपुरीBanjarবাংলাབོད་ཡིགbrezhonegbosanskiBatak Mandailingбуряадcatalà閩東語 / Mìng-dĕ̤ng-ngṳ̄нохчийнCebuanoکوردیcorsuqırımtatarcačeštinakaszëbscziсловѣньскъ / ⰔⰎⰑⰂⰡⰐⰠⰔⰍⰟчӑвашлаCymraegdanskdagbanliDeutschZazakiދިވެހިބަސްΕλληνικάEnglishEsperantoespañoleestieuskaraestremeñuفارسیsuomivõroføroysktfrançaisarpetanNordfriiskfurlanFryskGaeilge贛語kriyòl gwiyannenGàidhliggalegoAvañe'ẽGaelgHausa客家語 / Hak-kâ-ngîHawaiʻiעבריתहिन्दीFiji HindihrvatskiKreyòl ayisyenmagyarհայերենԱրեւմտահայերէնinterlinguaBahasa IndonesiaInterlingueIlokanoIdoíslenskamedžuslovjanskyitaliano日本語Patoisla .lojban.JawaქართულიQaraqalpaqshaTaqbaylitқазақшаYerwa Kanuri한국어перем комикъарачай-малкъарکٲشُرkurdîкомиkernowekкыргызчаLatinaLadinoLëtzebuergeschлаккулезгиLingua Franca NovaLimburgsLigureLadinlombardລາວlietuviųlatviešuMadhurâमैथिलीBasa BanyumasanMalagasyMinangkabauмакедонскиമലയാളംмонголဘာသာမန်मराठीBahasa MelayuMirandésမြန်မာဘာသာNāhuatlNapulitanoNedersaksiesPlattdüütschनेपालीनेपाल भाषाNederlandsnorsk nynorsknorskNovialߒߞߏNouormandoccitanlivvinkarjalaOromooиронਪੰਜਾਬੀKapampanganPapiamentuPicardpolskiPiemontèisپنجابیپښتوportuguêsRuna Simiromani čhibromânăarmãneashtiрусскийрусиньскыйIkinyarwandaᱥᱟᱱᱛᱟᱲᱤsicilianuScotsسنڌيsrpskohrvatski / српскохрватскиTaclḥitසිංහලSimple EnglishslovenčinaسرائیکیslovenščinachiShonaSoomaaligashqipсрпски / srpskiSeelterskSundasvenskaKiswahiliதமிழ்తెలుగుтоҷикӣไทยTürkmençeTagalogtolışiTürkçeXitsongaтатарча / tatarçaئۇيغۇرچە / Uyghurcheукраїнськаاردوoʻzbekcha / ўзбекчаvènetovepsän kel’Tiếng ViệtVolapükwalonWinarayWolof吴语მარგალურიייִדישYorùbáVahcuenghZeêuws文言閩南語 / Bân-lâm-gí粵語中文

Text from Wikipedia, CC BY-SA 4.0 · Source article