factograf
ZU
Sign in

inguxa eluntinti ethutha abantu, izilwane nempahla

Isithuthi

Isithuthi
umkhumbi wesigodi wama-Slav wangekhulu le-10
umkhumbi wesigodi wama-Slav wangekhulu le-10
izimoto ezintintayo zingezinye zezithuthi ezisetshenziswa kakhulu kwezifukuthwa yisilumbamdiki
izimoto ezintintayo zingezinye zezithuthi ezisetshenziswa kakhulu kwezifukuthwa yisilumbamdiki
Unongo lwesithuthi esisetshenziswa kakhulu eMhlabeni, ingqayika
Unongo lwesithuthi esisetshenziswa kakhulu eMhlabeni, ingqayika
3 images

Isithuthi siyinguxa ethutha abantu noma impahla. Izithuthi zihlanganisa izinqola (wagons), izingqayika (bicycles), izithuthi eziyizimoto (izithuthuthu, izimoto, amaloli, amabhasi, iziphengezi zokuntinta (mobility scooters) zabakhubazekile), izithuthi zojantshi (izitimela, trams), izimpozamanzi (watercraft) (imikhumbi, izikebhe, nezithuthi zangaphansi kwamanzi), izithuthi izimpilambili, izindiza (amabhanoyi, ophephela), nezindizamkhathi.

Izithuthi zasezweni zijinjwa kabanzi ngento esetshenziswayo ukuzishayela neziphoqi eziziqhuba ngokumelene nephansi: ukuba namasondo, ukuba nojantshi.

uMlando

  • Imikhumbi yakudala kweyake yatholwa ngukumba kwabavubukuli ibizwa imikhumbi yezingodo, omunye wayo owatholwa ebhukwini kwelaseHollandi, kuthiwa ngeleminyaka eyizi-8049-7510 BC ubudala.

Izinhlobo zezithuthi

Kunezingqayika ezingaphezu kwenqindi eyodwa (1 billion) ezisetshenziswa emhlabeni wonke. Ngowezi-2002 kwakunezimoto ezingaba yizigidi ezingama-590 nezithuthuthu eziyizigidi ezingama-205 ezisebenzayo emhlabeni. Ngokungenani, sekwenziwe izingqayika eziyizigidi ezingama-500 zohlobo lweJuba elindizayo (Flying Pigeon) zaseShayina, okuyisibalo esizidlula zonke ezinye izinongo zezithuthi. Unongo lwesithuthi olukhiqizwa ngobuningi yisithuthuthu esibizwa Honda Super Cub, eseqe izigidi ezingama-60 kwesezidayisiwe ngowezi-2008. Unongo lwemoto olukhiqizwa kakhulu lubizwa Toyota Corolla, njengoba sekukhiqizwe izigidi ezingama-35 zalo ngowezi-2010. INdiza enephiko eligxilile eyaziwa kakhulu ibizwa ngokuthi Cessna 172, njengoba seziyizi-44,000 esezikhandiwe ngowezi-2017. Uphephela okhiqizwa kakhulu ngowase-Soviet obizwa ngokuthi Mil Mi-8, osekukhoqizwe izi-17,000 zawo. INdiza ewumzoyizelo wokwenza imali oseqhulwini ubizwa ngokuthi Boeing 737, kubalwa ezingaba yizi-10,000 ngowezi-2018. Ibhasi elaziwa kabanzi yilelo lihlobo lwe-ZiU-9.

Imithombo

Read next

In 116 languages

Text from Wikipedia, CC BY-SA 4.0 · Source article