factograf
ZU
Sign in

Indwangu yokotini enyathelisiwe ngombala yase-Afrika eseningizimu

Isishweshwe

Isishweshwe

Isishweshwe (esaziwa nangokuthi isijalimani) siyindwangu kakotini enyatheliswe ngombala esetshenziselwa kakhulu izingubo zendabuko zase-Afrika eseningizimu. Ngokomsuka ifakwa umbala obizwa-indigo, le ndwangu yenziwa ngemibala ehlukahlukene kanye nemiklamo enyathelisiwe ephawuleka ngezifanelo eziyinkimbinkimbi. Ngenxa yokuthandwa kwaso, isishweshwe sichazwa njengendwangu ye-denim, noma ye-tartan, yaseNingizimu Afrika.

uMsukagama

Omame abangamaXhosa bagqoke izingubo zomdabu okuyisishweshwe nephinifa
Omame abangamaXhosa bagqoke izingubo zomdabu okuyisishweshwe nephinifa
Omama abangamaXhosa bagqoke imishuqulo yndabgu yesishweshwe (kwesokudla)
Omama abangamaXhosa bagqoke imishuqulo yndabgu yesishweshwe (kwesokudla)
2 images

Igama elithi isishweshwe lisuselwa ekuayamanisweni kwendwangu neNgonyama yaseLesotho uMoshweshwe 1,. UMoshweshwe I waphiwa izipho zalendwangu izothunywa zavangeli zaseFulansi ngowe-1840 futhi wayenza yaduma ngokulandelayo.

Iphinde yazowe ngokuthi 'isijalimani' ngesiZulu, ngesiSuthu bathi isijeremane' bese ngesiXhosa bathi 'ijamani', ngenxa yokuthi lapho abomdabu waseJalimano befika bgekhulu-19 babeyikhonzile lendwangu, futhi bayithekela ngobuningi ukuze bayisebenzise kanjalo bayandisa nakakhulu ezweni lonke.

Ukusetshenziswa kwaso

Isishweshwe ngokwenkambiso sisetshenziselwa ukwenza amaloko, izidwaba, amaphinifa nemishuqulo. Izingubo zesishweshwe ngokwenkambiso zigqokwa imitshakazi noma omakoti abasha, nangabesifazane abaganile. Abesifazane abangamaXhosa baqhamuke nendlela yokuthunga bahlanganise indwangu yesishweshwe kanye nengubo abayembathayo. Isishweshwe siyimvunulo ethenjwayo lapho kunemicimbi efana nemishado, imisebenzi yesintu, imingcwabo nezinye imigidi ebalulekile.

Ngaphandle kwezingubo zomdabu, isishweshwe siyasetsyenziswa nasemkhakheni wengqephu waseNingizimu Afrika futhi sifakwa Alabesifazane abesilisa bazo zonke izinhlanga, nalapho kwenziwa izilekeleli zokuhlobisa osofa. Siyasetshenziswa naseMelika lapho kwenziwa indwangu yokuxuba imithungo.

Ukukhiqizwa kwaso

Isishweshwe esinsundu okoshokoledi
Isishweshwe esinsundu okoshokoledi

Isishweshwe sikhiqizwa ngobuchule obuqathaza isimunyu nokunyathelisa okufingwayo okwenziwa kundwangubyokiyltini weKhaliko. Inyatheliswa ngobubanzi obungamasentimitha angama90, kuzo zonke izifanelo neziphemoe zeziidwaba ezimise okuka-A ezinyatheliswa masala wonke. Indwangu ikhiqizwa ngemibala eminingana ehlanganisa oyindigo, onsundu sashokoledi, nobomvu, yonke efakwa imiklamo ehlukene emikhulu yezimbali, imithende, esadayimani, nezifanelo eziyisikwele neziyindingiliza. Imiklamo ephithene yendwangu yenziwa kusetshenziswa isiqhobhosho, ubuchule bokunyathelisa indwangu ngokuyiqobosha obungasetshenziswa namuhla ngenxa yobunkimbinkimbi nokubiza kwabo, nakuba kulula ukusebenzisa indlela yanamuhla yobuchule bokunyathelisa ngokunyaliza imiklamo.

Ngaphambilini lendwangu yayithekeliswa kusuka eYurophu ilethwa eNingizimu Afrika, Kodwa namuhla Uphawu lokuhweba lendwangu seluphethwe inkampani ebizwa Da Gama Textiles esenxuleni laseZwelitsha ngaphandle kwaseKing William's Town eMpuma Kapa kusukela ngowe-1982. Ngowe-1992, le nkampani iDa Gama Textiles yathenga amalungelo okuba iyona yodwa ekhiqiza iThree Cats, okuyinhlanga edumile yendwangu eyayikhandwa inkampani yaseManchester ebizwa Spruce Manufacturing Co. Ltd, futhi kanjalo izifingqi zosokhele esigwediwe bokunyathelisa indwangu zathunyelwa eNingizimu Afrika. Inkampani iDa Gama Textiles ikhiqizwa isishweshwe ngokotini othekeliswa eZimbabwe nolinywa khona eMpumalanga Kapa.

Imboni yezindwandu yasekhaya, ehlanganisa nokukhoqizwa kwesishweshwe inkampani Da Gama Textiles, ilokhu isongelwa uncintisano lwezindwangu zezingabunjalo eliphansi, nezimbumbulu ezikhandwa kuleli nezithekiliswa eShayina nasePakistania. Umkhiqizo okuyiwona kulula ukuwuqaphela ngokuwuthinta, iphunga, isinambitho, umsindo, nombala kanye ngophawu lokuhweba olusemuva kwendwangu, ububanzi obungamasentimitha angama-90  kanye nobulukhuni bendwangu entsha efakwe imfukutha engokwenkambiso nesukayo lapho igezwa.

Read next

In 17 languages

Text from Wikipedia, CC BY-SA 4.0 · Source article