Idokwe uhlobo ukudla okuqinile okwenziwa ngokucwilisa noma ukubilisa, obisini noma emanzini izitshalo eziwuqotho, ezincushuziwe zaba impuphu, ngokuvamile okusanhlamvu. Liwukudla kwansuku zonke ngokwenkambiso emazweni amaningi.
Igama elithi idokwe yilona igama lesiZulu elifanele elichaza lesi sidlo, abanye bathi umdokwe, abanye basebenzisa ibizomfakela bathi iphalishi. Uma idokwe lishube kakhulu kuthiwa uphuthu. NgesiZulu izinhlobo zamadokwe zinamagama azo ahlukene.
Idokwe livame ukuphekwa ngezithokelo ezijotshelelwe ezifana netswayi, ushukela, uju, izithelo, ujamu noma isyrup, noma lingaxutshwa nezinongi, inhlanzi, inyama noma izilimo, ukuze libe isidlo esihlwabusayo. Livame ukuphakwa ngesitsha noma ngebhodwe lokupheka kuye ngokuthi luqinie kangakanani.
Kunezinhlobo eziningi zedokwe, nezinemagama azo angafani. Ngokwesibonelo, idokwe lomthanca ludumile eMelika, bese I polenta yona yenziwa ngommbila, amaZulu ayibiza ngokuthi iyambazi. Kukhona nePoi, iTaro, iGruel (ihiya), neCongee eyenziwa ngezimdumbuluzana. AmaXhosa wona athanda isidudu. Ngenxa yethonya lamabhunu, abantu abaningi eNingizimu Afrika bathi idokwe yipapa, ikakhulu elenziwa ngommbila.
Izinhlobo zokusanhlanvu
Idokwe igama elibhekisela kunoma yilophu uhlobo lokudla oluxube okusanhlanvu nokusaketshezi, kungaba iyambazi, elixube ummbila namanzi, kube isijingi elixube ithanga nommbila namanzi, konke kuyidokwe. Igama lesiNgisi elithi "porridge" lalisetshenziswa kuhlobo lwedokwe oluxube umthanca namanzi noma nobisi. Isidudu sixuba ummbila oncushuziwe nethanga, isigwamba sixuba inhlama yempuphu yommbila nezilimo ezihlukene. Amahewu nawo aluhlobo lwedokwe. Idokwe liyenziwa nangokusanhlamvu oluhlanganisa izindumbuluzana, amazambane, amabele, ummbila, umthanca, umdloyo, bese kufakwa amanzi, ubisi, umlaza, ulumpe, ibhobe, amantongomane, ngisho noshokoledi imbala.
Ziningi izindlela zokwenza idokwe emazweni wonke omhlaba. Zizobheka ukuthi lwenziwa kanjani nokuthi kusetshenziswa okusanhlanvu okunjani emazweni ahlukene.
